Zonke izivakashi zizibeka engozini zona ngokwazo ngokungena emahlathini kaHulumeni.
Wonke umuntu ongena ehlathini likaHulumeni kumele aziphathe ngendlela ephephile nenenhlonipho acabangele abanye abantu abasebenzisa lomhlaba.
Kungakhokhwa imali ethize uma ufuna ukwenza izinto ezithize noma uma ufuna ukungena nje, kulokho-ke uzonikwezwa ivawusha eyehlukile.
Ukungena kuvumeleke phakathi kuka 06: 00 no 18:00 ngezinsuku ezibekiwe, ngaphandle uma uvunyelwe ukugoba amadlangala, ukuhamba ngezinyawo ebusuku nokunye.
Imicimbi ephathelene nokungcebeleka, ezemfundo, amasiko noma ukufeza izidingo zomphefumulo ingenziwa kulezondawo ezibekelwe lokho. Amabhodi ezaziso kanye nezimpawu kumele zithotshelwe emahlathini kahulumeni.
Umphakathi ungevunyelwe ukungena emahlathini kahulumeni noma izinxenye zawo kanti ukubasa umlilo ezindaweni ezibekelwe lokho kungevunyelwe ngezikhathi ezibekiwe.
Umsindo noma owahlobo luni nokunye okungaphazamisa abanye abasebenzisa ihlathi likaHulumeni noma izilwane akuvunyelwe.
Ukubasa umlilo akuvunyelwe, ngaphandle kwakulezondawo ezibekelwe lokho. Umlilo awungashiywa unganakiwe, kanti futhi kumelwe ucishwe lapho ususetshenzisiwe.
Akungalahlelwa zibi phansi, noma amathini okuphatha emahlathini kaHulumeni , ngaphandle uma elahlelwa emigqonyeni ebekelwe lokho.
Akekho ovunyelwe ukulimaza, ukususa isigxobo, umngcele, ucingo, amabhodi ezaziso noma okunye emahlathini kaHulumeni ngaphandle kwemvume.
Akekho ovunyelwe ukuphazamisa imisebenzi yokuphatha ehlathini likaHululumeni, kanti akekho ovunyelwe ukungena kunoma ngabe iyiphi indawo lapho abasebenzi besebenza khona kanye nalapho impahla yehlathi isebenza khona ngaphandle kwemvume.
Akuvunyelwe muntu ukulimaza, ukususa noma ukwenza uphawu oluthize edwaleni, esihlahleni noma kusiphi isimila ehlathini likaHulumeni.
Noma ngabe ngubani, otholakala ezingela noma edoba izinhlanzi, ebulala, noma eqokelela izilwane, izinyoni, izinambuzane, izinhlanzi noma ezinye izilwanyana ngaphandle kwelayisense noma okunye okumgunyazayo, unecala.
Ukupha izilwane ukudla ehlathini likaHulumeni akuvunyelwe.
Izibhamu, izimbazo, imicibisholo kanye nezinye izikhali zokuzingela azivunyelwe ehlathini likaHulumeni ngaphandle kwelayisense yokuzingela.
Izinja, izilwanyana zasekhaya kanye nezinye nje izilwane azivunyelwe ehlathini likaHulumeni, ngaphandle kwamahhashi uma egunyazelwe ukuhamba emigudwini wamahhashi.
Ukubhukuda kanye nokudoba kuvunyelwe kuphela kulezondawo ezenzelwe lokho.
Ukugoba amadlangala, uma ngabe kuvunyelwe, kungenziwa kuphela kulezondawo ezenzelwe lokho uma ngabe sekukhokhwe imali efanelekile.
Ukusuka noma ukuhlala ngenzindiza, izindiza ezinophephela emhlane, ukuntweza emoyeni, izindizamshini, amabhaluni kanye namaphalashuthi akuvunyelwe ehlathini likaHulumeni.
Ukusebenzisa noma ukuphatha iziqhumane akuvunyelwe ehlathini likaHulumeni.
Alikho icala noma izindleko eziyothweswa uHulumeni ngenxa yokulimala kwempahla yabavakashele ihlathi likaHulumeni kulandela imisebenzi eyenziwa nguHulumeni noma eyenziwa egameni likaHulumeni noma ngenxa yanoma ngabe iyiphi inbangela, ngaphandle uma lokho kulimala kudalwe ubudedengu babasebeni bakaHulumeni lapho benza umsebenzi wabo wangemihlangemihla.
Abavakashele ihlathi likaHulumeni bazobhekana nezindleko zomonakalo oyodaleka kwisivuno sehlathi nenye impahla kaHulumeni okungadalwa izenzo zabo.
Eminye imibandela, izimali noma amalayisense kungalindeleka kweminye yemicimbi, kwezinye izindawo, nakwezinye izinkathi (bheka isixhumo kanye nezigaba zemicimbi).
